UMichael Jackson akaseyena osaziwayo abashona abahola kakhulu emhlabeni, ngokusho kweForbes.
Umlingisikazi u-Elizabeth Taylor usedlulele kulesi sihlabani edonsa u-$210 million (£130m), ingxenye enkulu yawo endalini yobucwebe bakhe.
Kusho ukuthi umholo kaJackson ususendaweni yesibili ohlwini lwabacebile abahola minyaka yonke abashona.
Umholo walo mculi ufinyelele ku-$145 million (£90m), uma kuqhathaniswa no-$210 million kaLiz Taylor (£130m).

U-Elizabeth Taylor usedlule uMichael Jackson ohlwini ngemuva kokudayiswa kobucwebe
Kulindeleke ukuthi uMichael Jackson abuyele endaweni ephezulu.
Ifa lakhe linengxenye enkulu kukhathalogi yakwaSony's ATV, ehlanganisa abaculi abafana noTaylor Swift, Lady Gaga kanye neThe Beatles.
Ifa liphinde lizuze ukheshi embukisweni we-Cirque du Soleil i-Immortal Tour.
Isamba sifinyelele ku-$90 million (£51.8m), edlula u-Elvis Presley othathe u-$55 million (£34m).
Ngaphezu kwendali ka-Elizabeth Taylor, efinyelele ku-$184 million (£114m), lo mlingisi uphinde wazuza u-$75 million (£46.5m) ngokuthengiswa kwamakha akhe i-White Diamonds.
Ushone ngo-2011 eneminyaka engu-79.
Top 10
Abanye osaziwayo abashonile kwabayishumi abaphambili kubalwa u-Elvis Presley osendaweni yesithathu, engenisa u-$10 million (£55m).
Umdwebi wamakhathuni uCharles Schulz, owakha umugqa wamahlaya wamaPeanuts, ungene endaweni yesine.
Umculi weReggae uBob Marley usendaweni yesihlanu ngemuva kokwenza u-$17 million (£11m), kanti uJohn Lennon weThe Beatles usendaweni yesithupha ngama- $12 million (£7m).

ULady Gaga kulindeleke ukuthi asize ifa likaMichael Jackson libuyele esicongweni sohlu lwabacebile
Abanye abasohlwini ngoMarilyn Monroe ($10 million £6.2m), Albert Einstein ($10 million £6.2m), Umqambi wencwadi yezingane uDkt. Seuss Theodor Geisel ($9 million, £5.5m) nesihlabani samafilimu uSteve McQueen ($8 million, £4.9m).
IForbes ihlaziye amaholo osaziwayo abangasekho phakathi kuka-Okthoba 2011-2012.
(Izindaba ze-BBC)



