USihlalo we-Turkey's Forensic Medicine Institute, uDkt. Haluk Ince, uthe awukabikho umbiko mayelana nokushona kukaMengameli waseTurkey ongasekho u-Turgut Ozal.
Ukuphawula kuka-Ince kuza ngemuva kokuthi imibuthano ethile iphikisana ngokuthi u-Ozal wadliswa ushevu waze wafa eminyakeni engu-19 edlule.
“Sisaqhubeka nokusebenza ngombiko kulandela ukuhlolwa kwesidumbu sika-Ozal. Umbiko awukaqedwa okwamanje. Sizowushicilela umbiko ngesikhathi esifushane ngangokunokwenzeka,” kugcizelela uDkt. Ince.
U-Ozal umbiwe muva nje ngemuva kwezingxabano eziveza ukuthi udliswe ushevu.
(I-Anatolia News Agency)



